ilanga

Usuphenduke indawo yezokuvakasha umuzi kaMseleku

2018-01-14 14:03

Usuphenduke enye yezindawo ezisemqoka kwezokuvakasha umuzi kaMusa Mseleku, wohlelo lukamabonakude oludumile uThando neS'thembu, olusakazwa kuMzansi Magic.

Asengcupheni amaMetro Award ngenxa yezimali

2018-01-14 14:03

Ukwentuleka kwezimali nokuswela abaxhasi kuthiwa sekuwubeke engcupheni yokungenzeki ngesikhathi ovame ukwenzeka ngaso umcimbi omkhulukazi waminyaka yonke wokuklonyeliswa kwabaculi eNingizimu Afrika.

Umqondisi wodumo ezinsolweni zokubhidliza uZalo

2018-01-14 14:03

Usolwa ngokuba semkhankasweni wokuqumba phansi umdlalo kamabonakude uZalo, uDuma Ka Ndlovu, okuthiwa uwola okhilimu abalingisa kulo mdlalo, uyobafaka emdlalweni wakhe omusha awuvubelayo.

Owe-BIG NUZ usesungule iqembu

2018-01-14 12:00

Ilungu leqembu lomculo elike lashisa izikhotha eseliqube iminyaka emibili kungacaci ukuthi kwenzekani ngalo, selisungule elalo iqembu lomculo okuthiwa lihlanganiswe izingwazi.

Indida ngelomndeni owathola 'isidumbu esihambisana namathambo angaziwa'

2017-12-15 12:32

Ubize isigubhukane isigcawu sabezindaba uMasipala woBuhlebezwe - ongaphansi kukaMasipala wesiFunda iHarry Gwala, kuyochazwa udaba lwebhizinisi lamakhaza kaMnu Zamo Nxumalo oyimeya yawo.

Usinde engozini embi umculi wowokholo

2017-12-10 11:02

"Besithi siyaqeda ngami isitha", kusho isilomo somculi wowokholo uSphumelele Mbambo esisinde kukubi engozini yemoto enyantisayo, eshiye imoto yaso ipoqoke yaphela.

Kubi kodutshulelwe imali yesitokofela

2017-12-07 12:32

Kubonwa ngokusa kowesifazane waseNdabeni, eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ohlaselwe yizigebengu zifuna imali yesitokofela abeyigcine emzini wakhe.

LALELA: Kudedelwe ingoma entsha sha kaSfiso Ncwane

2017-12-07 11:00

Sikhunjulwe ngokudedelwa kwenye yezingoma zaso isilomo somculo wowokholo esadlula emhlabeni ngonyaka odlule ngemuva kokugula isigubhukane.

I-Ajax yeshela obeqeqesha iBafana

2017-12-03 16:05

I-Ajax Cape Town yeshela umqeqeshi obecija iBafana Bafana ngenhloso yokuthi azotakula umkhumbi wayo obukeka ucwila.

IWits inqobe iTelkom Knockout ngesithende

2017-12-03 14:06

Kuphoxeke izinkumbi zabalandeli beBloemfontein Celtic le kilabhu iguqiswa yiBidvest Wits ngo-1-0 kowamanqamu weTelkom Knockout izolo kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Umqeqeshi ufanise iBucs nesikorokoro

2017-12-03 12:02

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin "Micho" Sredojevic ufanise ikilabhu yakhe nemoto eyisikorokoro ehamba ikhwehlela endleleni. Nokho uthi uzogcina eyikhandile ifane nentsha ceke.

Ubulale izingane, wazingqokloza ngenhlamvu obecikwa ukuthi umkakhe uyothwasa

2017-11-30 16:00

Udinwe wukuthi inkosikazi yakhe ihambe yathi iyothwasa kwamngani wayo ngeledlule wadubula wabulala izingane zakhe ezimbili ngaphambi kokubhekisa umbhobho kuyena owesilisa waseMgungundlovu.

 

 

Ligcwala umoya kumgadli weChiefs

2018-01-14 10:00

Kungase kube yisizini yokugcina kumgadli weKaizer Chiefs egijima kule kilabhu njengoba kuvela ukuthi izikhulu kazeneme ngaye njengoba engawenzanga umsebenzi abewuqashelwe.

Kubatshazwa isihluku kutholakala amalungu omndeni egenciwe eNkandla

2017-12-21 14:01

Simuncu isimo emphakathini wasePholela, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, emuva kokuhlahlelwa ngocelemba kubulawe amalunga amathathu omndeni wakwaZondo kusolwa ingxabano.

Uthwele kanzima umndeni wentombazane enenkinga yokuvutha

2017-12-14 11:00

Kubanjwa kuyayekwa emndenini wakwaNdawonde eMuden, osuphelelwe yizindlu okuthi uma kuke kwangena indodakazi yakhona ilandelwe wumlilo okusolwa ukuthi udalwa wukuthi iloywe ngesilwane.

Umculi wowokholo utshele intombi ukuba ikhiphe isisu

2017-12-10 10:17

Ikhihla esikaNandi intokazi ethi ithandana nomculi wowokholo owayikhiphisa isisu ngemuva kokuthola ukuthi ukhulelwe.

Ukhala ngenyanga-mthandazi usomabhizinisi

2017-12-07 12:32

Ukhala uyazithulisa usomatekisi waseVosloorus, eBoksburg, eGauteng, osola ubuqola kwinyanga-mthandazi edume ngokuthi ithwele.

Uninakhulu weBhova likaDikadika ukhala ngokudla imbuya ngothi

2017-12-07 12:30

Udonsa kanzima umndeni kaKwakhe "Mgqumeni" Khumalo ongasekho emhlabeni njengoba uninakhulu wakhe ekhala ngendlala.

UDJ ukhihla esinaNandi ngokuthathelwa inguduso

2017-12-03 18:04

Ukhihla esililo ngezinkomo zakhe uDJ waseThekwini abelobole ngazo ingoduso yakhe, osekunezinsolo zokuthi isithathwe yisihlabani somculo saseNigeria esingaconsi phansi kulezi zinsuku, uDavido.

Amahlebezi oqhekeko emshadweni kaDJ Bongz

2017-12-03 14:06

Sisola umona kwabafafaza izinsolo zokubhidlika komshado waso isilomo sika-DJ esingaconsi phansi kubathandi bomjuxuzo.

Beziwushaya kosaziwayo baKwaZulu-Natal

2017-12-03 12:02

Beziwushaya kosaziwayo baKwaZulu-Natal okuwumlingisi uXoli Zondi, kanti omunye usaziwayo ebeziwushaya kuye nguKhaya Mthethwa.

Lingene ehlazweni ikhansela elisolwa ngokuzitika ngomfazi womuntu

2017-12-01 18:01

Lingene kwelikhulu ihlazo ikhansela lakuwadi 17 kuMasipala Jozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, elihlawuliswe izinkomo ezintathu ngokuthi lilale nomfazi womuntu.

 
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...