ISundowns iphindele esihlalweni sayo

2012-04-12 07:30
Yabelani Shicilela

Johannesburg - IMamelodi Sundowns ibuyele esicongweni kuPremiership emuva kokushaya iBlack Leopards ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kusho umbiko weKickOff.com.

UPunch Masenamela ulivalele kuqala enethini, ngaphambi kokuthi igoli lakhe licishwe nguSamuel Mabunda.

UMasenamela kodwa uphenduke iqhawe lomdlalo ngesikhathi akha ithuba lokuthi amaBrazilians afake elinye, neliqedelwe nguNyasha Mushekwi.

Esiwombeni sesibili abadlali babukeke bephelelwe wumfutho njengoba belahle amathuba amaningi kanti nomdlalo ubungasasheshi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...