UVelvet Sky umise abasebenzi

2012-03-16 12:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inkampani yamabhanoyi engadli kakhulu ephaketheni, nesezinxushunxushwini, iVelvet Sky isiqalile ukudiliza abasebenzi njengoba ziqhubeka izinkinga zemali, kubika iSABC ngoLwesihlanu.

Ngesikhathi ethintwa yiSapa, lowo oyisikhulu sale nkampani uGary Webb unqabile ukuphawula ngalo mbiko, wathi le "yindaba yangaphakathi".

Lo msakazeli uveze ukuthi abasebenzi bale nkampani banikezwe izincwadi ezibazisa ngokumiswa emsebenzini okwesikhashana.

Lokhu kuzoqhubeka kuze kube nguJuni 30.

Abasebenzi bazobe bengaholi ngalesi sikhathi behlezi emakhaya, kusho lo msakazeli.

Le nkampani ibhekene nenkinga yokuthi ingase ivalwe kulandela ukufakwa enkantolo yiBP Southern Africa emuva kwezinsolo zokuthi iwukweleta u-R29 million.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-18°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-14°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...