afrika

UMugabe uhambise amaphepha ngosuku lokhetho

2013-06-19 16:03

UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usehambise amaphepha enkantolo, ngenhloso yokuzama ukuhlehlisa ukhetho ngamasonto amabili.

Kumiswe ongqongqoshe eSudan

2013-06-19 14:03

UMengameli waseSouth Sudan, uSalva Kiir usemise emsebenzini ongqongqoshe ababili ukuze kuphenywe ngezinsolo zokukhwabanisa izigidi, kuveze umqulu oshicilelwe.

Ungqongqoshe ucasulwe ukuqashwa koyiSulumane

2013-06-19 12:04

UNgqongoshe wezokuVakasha eGibhithe useshiye isikhundla sakhe kulandela ukuqokwa komholi omusha ekuthiwa ungowenkolo yamaSulumane, oqokwe edolobheni iLuxor.

Kusolwa iRenamo ngolwaseMoz

2013-06-19 07:30

Uhulumeni waseMozambique usole iqembu eliphikisayo iRenamo ngokugasela okudlule nemiphefumulo yabantu enkambini yamasosha, wathi kubalulekile ukuxoxisana.

Kubulawe 11 odlameni eNigeria

2013-06-18 14:03

Abasolwa ngokuba ngontamolukhuni bamaSulumane bahlasele isikole kanye nesizinda samasosha aseNigeria, kwashona abantu abangu-11, okuhlanganisa nabafundi abayisikhombisa.

Kubulawe amasosha eMoz

2013-06-18 10:05

Kubulawe amasosha ayisithupha aseMozambique ngesikhathi ophakimpi behlasela inkambi yawo, kusho umsakazo wezwe.

Makungakhethwa phela emasini - Ikhomishana

2013-06-17 14:28

Ikhomishana eyongamele ukhetho eZimbabwe ithi zizothathelwa izinyathelo ezinqala izintatheli ezibika ngokwenzelela njengoba kuza ukhetho lukazwelonke.

Ivaliwe eyokuqabulana eSwazini

2013-06-14 11:02

Ayifuneki nakancane indaba yamabantu abahamba nemonqozana beqabulana ezitaladini zaseSwazini, kangangona uma uke wabonakala ukwenza ungazithola uboshwa.

IGibhithe ithi izokwenza konke ukulwela amanzi

2013-06-11 10:59

UMengameli waseGibhithe uMohammed Morsi, usexwayise izwe laseTopiya, wathi "bazokwenza noma yini", ukubhekana nesimo la khona izwe lingase lincintsheke amanzi.

UBanda umisiwe ekuhambeleni amazwe

2013-06-07 13:01

Iziphathimandla zaseZambia zimise lowo owayenguMengameli wezwe uRupiah Banda, emizameni yakhe yokuphuma eZambia, ahambele amanye amazwe.

Kuzoqala izngxoxo zokuthula eDRC

2013-06-06 14:26

Iqembu i-M23, lizothumela ithimba elizoqalisa izingxoxo zokuthula nohulumeni kule mpelasonto, izingxoxo zamiswa ngasekuqaleni kukaMeyi.

IMelika igxeka ukugwetshwa kwabaseGibhithe

2013-06-05 11:01

UNobhala waseMelika uJohn Kerry, usezwakalise kukukhathazeka ngokugwetshwa kwabangu-43, baseGibhithe kanye nomsebenzi wenhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni.

Kuyazibhedela izitabane eNigeria

2013-05-31 14:02

Izazi zomthetho eNigeria zichithe umshado wabantu bobulili obufanayo, kwaphakanyiswa ukuthi kulwiswanwe namalungelo abantu abayizitabane.

UTrierweiler ufuna kusukunyelwe i-DRC

2013-05-31 10:01

Unkosikazi kamengameli waseFrance, uValerie Trierweiler, usecele imiphakathi yamazwe omhlaba ukuthi isize kujeze laba abathintekayo ezehlakalweni zokuhlukumeza zaseDRC.

 

 

Kubulawe 32 kuhlaselwa eKizara Village

2013-06-19 10:02

Kubikwe ukuthi kubulawe abantu abangu-32 ngesikhathi oshayasibhamu ababalelwa ku-150 begasela esigodini saseKizara, endaweni yaseZamfara, eNigeria.

Kuxoshwe abalimi eNigeria

2013-06-18 16:21

Izihonga ezingamaSulumane, sezixoshe abalimi abalinganiselwa ku-19 000, zibakhipha emapulazini abo enhla nezwe, nosekwenze kwanokwesabela ukuthi kungase kushode ukudla.

UMugabe uhlehlise usuku lokhetho

2013-06-18 12:03

UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, usegcine egobe uphondo wavuma ukuhlehlisa usuku abelunqumele ukhetho lukazwelonke.

Selubekiwe elokuqulwa kukaSaif

2013-06-18 07:30

USaif al-Islam, noyindodana kaMuammar Gaddafi, nabanye ababengabaholi abaphezulu kuhulumeni bazongena ecaleni ngasekupheleni konyaka.

Amasosha akuleli alibangisa eDRC

2013-06-17 09:14

Amasosha aseNingizimu Afrika azolibangisa eGoma ukuyofaka igxalaba ekuzameni ukuletha ukuthula nokulwisana namavukelambuso ahlomile, namise kabi iDRC.

AbaseMalawi bayosebenza eSouth Korea

2013-06-11 14:24

Umculi oshaya owokholo eMalawi, uJoseph Alfazema, useshiye phansi umsebenzi wakhe wokucula, ukuze ayosebenza embonini yezolimo eSouth Korea

Uhola kancane uMugabe - Umkakhe

2013-06-10 08:39

Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe, uGrace Mugabe, uthi umyeni wakhe uhola imali encane kakhulu, wathi usebenzela umphakathi.

AmaShayina adla amapulazi abantu eGhana

2013-06-07 08:08

Loyo okhulumela ihhovisi labafuduki kuhulumeni waseGhana, uthi abantu abangu-161 abadabuka eChina, nababoshelwa amacala okumba igolide ngokungemthetho, bazogodukiswa.

Bayanda abadlwengulwa eDRC - UN

2013-06-05 13:00

I-UN ithi isibhedlela esisempumalanga yeDemocratic Republic of Congo esisiza izisulu ezidlwenguliwe, sesilapha ngaphezulu kwabantu abangu-300 abayizisulu.

Sicela nivikele abaseSomalia - Shirdon

2013-06-03 14:38

Uhulumeni waseSomalia, ucele iNingizimu Afrika ukuba ivikele abantu baseSomalia abahlala kuleli lizwe, kulandela izihlakalo eziningi zokuhlaselwa kwabokufika.

Kuvundululwe izikhali eNigeria

2013-05-31 12:01

Amasosha enyakatho yeNigeria avundulule izikhali ebezifihliwe, iziphathimandla ezikholelwa ukuthi ezamalungu eqembu lezombusazwe laseLebanon kanye nombutho wezihonga.

 
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C High level clouds. Cool. Pta: 7-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-24°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...