Ubhace eDakar obengumengameli waseMali
2012-04-20 08:14
Dakar - Lowo obengumengameli waseMali u-Amadou Toumani Toure, nowakhishwa ngendluzula esikhundleni ngamasosha ngenyanga eyedlule, ubhace eDakar, kusho iHhovisi likaMemngameli waseSenegal ngoLwesihlanu.
U-Abou Abel Thiam, okhulumela uMengameli waseSenegal uMacky Sall, utshele abezindaba ze-AFP ukuthi uToure, uyiswe eResidence Pasteur, okuyindawo egcina izicukuthwane.
"Ubengatatazeli, konke kubukeke kuhamba kahle njengoba ubenomndeni wakhe ophelele ongamalungu abalelwa ku-15," kusho uThiam.
UNgqongqoshe wezangaPhandle eSenegal u-Alioune Badara Cisse nguyena obebalandile enhlokodolobha yaseMali iBamako.
Akucaci noma uToure uzohlala noma ubedlula eSenegal.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP