WENA WAWUNGENZENJANI: Wamithisa umngani wami ngingazi

2017-11-17 19:29

Mhleli ngicela izeluleko kuwe nabafundi bakho ngalolu daba lwami.

Mina nesoka lami sineminyaka eyisithupha sithandana futhi kumnandi othandweni lwethu. Ngenyanga edlule umngani wami omkhulu wabhekana nenkinga lapho ethola khona ukuthi ukhulelwe. Ngathatha ngokuthi inkinga yakhe wukuthi uzokwenzenjani ngoba yena nesoka lakhe baphila ngokuhlukana njalo, uthando lwabo luntekenteke.

Ngesikhathi engitshela ukuthi uyayigcina ingane, ngathatha isinqumo sokumeseka, yize ngangazi ukuthi kuzoba nzima kuye ngoba akasebenzi futhi nabazali akasenabo, ngangizitshela ukuthi ngizomeseka kukho konke ngimsize azame namatoho.

Ngemuva kokuba ingane izalwe, impilo yayo yayingeyinhle neze kwadingeka ukuba iyokwenzelwa umsebenzi kubo. Ngatshela isoka lami lingiboleke imali ukuze ngisize umngani wami.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Yangigila indoda yalobola yaqeda ngikhona ngihlala nayo

Lalingenayo inkinga futhi langeseka ngaphandle kwemibuzo.

Ngolunye usuku ngibuya emsebenzini ngathi ake ngidlule esokeni lami elalisanda kubuya emakhaya, ngoba nomngani wayengekho, ngangingafuni ukuhlala ngedwa endlini.

Ukushaqeka ngifika esokeni ngithola umngani nengane embhedeni.

Umoya wami ubuhlungu futhi ngizizwa ngephoxeke ngendlela engachazeki. Ngidlula kanjani kukho konke lokhu ngaphandle kokuba namagqubu nenzondo?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...