Wena Wawungenzenjani: Umfowethu ubonakale ephuthaza ingane kamzala

2018-01-17 19:31

eThekwini - Ngididekile ngalokhu okwenziwe wumfowethu enganeni kamzala evakashile.

Umshana wami ubevakashile ngalawa maholidi njengoba bengidinga umuntu ozosala nezingane ngoba kangivalanga emsebenzini.

Kuthe ngelinye ilanga ngisemsebenzini ngathola ucingo oluvela kwindodakazi yami.

Indodakazi yami ingitshela ukuthi ibone umalume ithina umshana wami lo ovakashile.

Ngokusho kwendodakazi, bebelele bonke igumbini lokulala ngesikhathi kungena umfowethu, ufike waqonda ngqo kumshana lo ovakashile wamthinta amabele kanye nesitho sangasese.

Ngivele ngadideka ngizwa lokhu ngaze ngacela ukukhuluma naye umshana.

OLUNYE UDABA:Wena Wawungenzenjani: Isoka lami lithi lihleli nami ngoba ngisebenza kahle

Ukuqinisekisile lokhu waze wathi umfowethu ubuye kabili ezokwenza lokhu kuyena, uthi ubelokhu ezenza ngathi ulele esusa isandla, kodwa eqhubeka umfowethu.

Ngibuhlungu futhi ngishaqekile ngalokhu okwenzekile.

Manje angazi ukuthi ngenzenjani ngalesi simo.

Ngikhuze umfowethu? Ngitshele umama wale ngane? Noma ngithule sengathi akwenzekanga lutho?

Ngicela izeluleko kuwe mhleli kanye nabafundi bakho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...