WENA WAWUNGENZENJANI: Asihlomisaneni lapha!

2017-05-03 19:29

Mhleli,

Kunodatshana oluncane engithandi ukulazisa abantu bakithi. Sekukaningi ngizwa abantu bethi ungabomthemba umuntu ngoba ngelinye ilanga "uyokujikela".

Ngokwazi kwami noma ngokubona kwami umuntu akajiki uhlezi eyento eyodwa. Uma uhluleka ukubona izinto ungakusho kugcwale umlomo uthi uyajika.

Okwenzekayo ngesikhathi wena umbona ewulomuntu omthandayo/olungile usuke ungakamboni ukuthi uyinhloboni kapende. Uma sewumbonile uzothi usekujikele kanti uwena obengamboni.

Yingakho kubalulekile ukuthatha isikhathi sakho ngaphambi kokuzibophezela kumuntu (emshadweni) ngoba uma uzoxhamazela uzokhala uthi "wangijikela" umuntu kanti uwena owenze iphutha.

Ngikhulunyiswa ukuthi ngike ngizwe bethi abantu besengishande naye iminyaka emibili "wangijikela" umuntu.

Mina ngithi cha bevele eyileyo nhlobo inkinga bengakabonakali. Nesigebengu sisuke sakuqala kudala ubugebengu, sithi singabanjwa kuyima sibonakala....kahle kahle asijikwa lutho ukuthi sisuke singakabonakali/singakalitholi uthuba lakho ubungebengu.

Ngiyabonga

Uma unenkinga ongathanda ukuba ishicilelwe ukuze uthole izeluleko kwabanye abafundi ungayithumela ku-isizulu@news24.com noma uyishiye ku-inbox ekhasini lethu likaFacebook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...