Wena Wawungenzenjani: Isoka lami lithi lihleli nami ngoba ngisebenza kahle

2018-01-16 19:29

eThekwini -  Mina nesoka lami leminyaka emithathu, sizoshada ezinyangeni eziyisithupha ezizayo, kodwa sengididekile ngemuva kokuthola imfihlo ngaye.

Ngithe ngibuya emsebenzini ngelinye ilanga, isoka lami lalihleli endlini nomzala wakhe bexoxa.

Kabazange bangizwe uma ngingena ekhishini kodwa ngathuka sengilalele inkulumo yabo.

Umzala lo wabuza isoka lami ukuthi ngabe selangitshela yini ngengane ayithola nenye intombi ayencinzana naye mina ngingazi.

Ngithe ngisathuswe yilokho, ngezwa umzala eqhubeka nombuzo wokuthi ngempala ngempela yini eyenza isoka lingithathe ngoba angiyona inhlobo avame ukuthandana nayo.

Isoka lami liphendule lathi, lingithathiswa wukuthi ngihlelekile, ngisebenza kahle, kangixakekile futhi liyabona ukuthi ngeke sibulawe yindlala uma sesishadili.

OLUNYE UDABA: WENA WAWUNGENZENJANI: Sekubuye intombi yakudala ngoba isizwe ukuthi ngishadelwe

Lithi yingakho lashiya leya ntombi esiphenduke umama wengane ngoba ibithembele kuyena ngakho konke, yize iyinhle, futhi ucansi lwayo luvutha, uyabona ukuthi kungcono abambelele kuleli bhodwe eliconsayo.

Kungithuse kakhulu nokuzwa isoka lami lithi lizolinda size sabophe elikasofa silahlane bese lingihlalisa phansi lingichazele ngodaba lwengane.

Ngivele ngangazi ukuthi ngenzenjani, ngiphume endlini ngibaleka ngangena emotweni yami ngaqonda ekhaya.

Inkinga yami wukuthi angazi ngenzenjani, siqhubeke nomshado, ngoba konke sokuhleliwe, noma ngishiye phansi?

Ngicela, ngemvume yakho mhleli, ningeluleke nabafundi bakho ngalolu daba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...