Ziyikhalele indoda ezame ukushushumbisa igolide ebiligxise ezinqeni

2017-09-27 17:59

Colombo - Indoda yaseSri Lanka ebisolisa ngendlela ebilokhu iqalaza ngayo esikhumulweni sezindiza itholwe igxishe igolide ezinqeni, kusho iziphathimandla ngoMsombuluko.

Le ndoda eneminyaka engu-45 ubudala, ebilibangise eNdiya, iboshwe esikhumulweni sezindiza eColombo ngeSonto ngemuva kokuba iziphathimandla ziqaphele indlela esolisayo ebilokhu iqalaza ngayo nebiziphethe ngayo, kusho isikhulumi uSunil Jayarathne etshela iReuters.

OLUNYE UDABA:Kushaqwe igolide elingabiza u-R20m eGoli

Umsolwa ubephethe igolide elinesisindo esingu-904.77 grams elingadayisa imali engu-4.5 million rupees ($29 577), kodwa wadedelwa ngo-100 000 rupees, esho.

Izindlela zokushushumbisa impahla ezifana nale zijwayelekile, esho.

"Leli golide belisongwe ngoplastiki labe selishuthekwa kuye ezinqeni," kusho uJayarathne, eqhuba ngokuthi bekunoplastiki abane ababatholile.

"Akusikho okokuqala kutholakala impahla ishushumbiswa ngale ndlela, kujwayelekile."



 - Reuters

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...