Ziyikhalele indoda ebanjwe ishushumbisa isidoda

2017-04-22 13:10

Nong Khai – Iziphathimandla zaseThailand zibophe owesilisa obezama ukushushumbisa isidoda eLaos, kusho umbiko ngoLwesine.

Kuthiwa lokhu kutshengisa ukuthi iyakhula imboni ye-surrogacy (okunguhlelo lokuthwalela umuntu ingane ngenxa yezimo ezithile) kuleliya lizwe.

Le ndoda, 25, ziyikhalele emngceleni wedolobha iNong Khai kwatholakala kuye amashubhu abefake kuwo isidoda, kusho izikhulu zakuleliya lizwe.

"Bese kungokuka-13 ebanjwa eshushumbisa isidoda engena ngaseNong Khai," kusho isikhulu sitshela i-AFP, sacela ukungadalulwa igama ngoba asigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.

OLUNYE UDABA: Ufuna isinxephezelo ongafakwanga isidoda somlungu

Izikhulu zikholelwa ekutheni lesi sidoda besiphuthunyiswa emtholampilo osebenza ngokuhlinzeka abantu abafuna ukwenza i-surrogacy, ngesidoda.

Kubikwa ukuthi isiminingi imitholampilo yalolu hlobo esibonakele eLaos kulezi zinyanga ezedlule, ngokusho kwenhlangano iFamilies Through Surrogacy.

Izikhulu zithi le ndoda ibiphethe isidoda okuthekelwe ngaso eBangkok, ngamadoda adabuka eChina naseVietnam.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...