Zithweswe icala izitshudeni ezifike noswidi othakwe ngensangu esikoleni

2018-01-11 12:30

Maine - Amaphoyisa aseMaine asekhiphele izingane ezine esezikhulile amasamanisi ngezinsolo zokufika esikoleni noswidi othakwe ngomthunzi wezinkukhu.

Amaphoyisa ase-Ellsworth akhiphele indoda eneminyaka engu-19 ubudala yakhona e-Ellsworth nezingane ezintathu amasamanisi ngokushushumbisa insangu.

Abezindaba iBanger Daily babike ukuthi amaphoyisa nothisha besikole baze ngalo swidi othakwe ngensangu obukeka njengoswidi wakwaJolly Ranchers, ngesikhathi omunye wabafundi ebikele othisha ngawo, ethi usuyatholakala nasesikoleni.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 4 ngezokudayisela abafundi izidakamizwa eF State

UGlenn Moshier wamaphoyisa ase-Ellsworth, uthe ngoLwesibili indoda eneminyaka engu-19 ubudala yafika nensangu esikoleni yayidayisela abafundi abathathu.

Bonke la bafundi bamisiwe esikoleni kanti kulindeleke ukuba bavele enkantolo, iHancock County Superior, ngoFebhuwari nangoMashi.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...