Zimkhalele umfundi ogwaze omunye esikoleni

2018-03-14 14:03

Cape Town - Amaphoyisa abophe umfundi oneminyaka engu-17 ubudala esikoleni esiseGeorge, eWestern Cape, ngemuva kwezinsolo zokugwaza omunye umfundi.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili.

Kukholakala ukuthi lesi sigameko sokuhlasela ngommese silandele esokulwa kwamaqembu ezigelekeqe emagcekeni esikole.

Okhulumela amaphoyisa uDumile Gwavu uthe: “Umfana oneminyaka engu-17 ubudala uboshwe ngoLwesibili ngezinsolo zokugwaza omunye umfundi esikoleni.

"Imbangela yokuhlasela kayaziwa okwamanje. Umfundi kulindeleke ukuba avele enkantolo kungekudala."

OLUNYE UDABA: Umfundi ugwaze omunye washona bexabana

NgoMsombuluko, iSteenberg Community Policing Forum izwakalise ukukhathazeka ngokwenyuka kodlame olubandakanya amaqembu emigulukudu ngemuva kokuthi kudutshulwe abafana ababili bashona.

I-CPF ithi bahlanu abantu abadutshulwe ngempelasonto kuleya ndawo, okubandakanya nenye ingane edutshulwe eLavender Hill.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...