Zimkhalele owesifazane 'ophoqe' isoka ukuba liphuze u-bleach

2017-03-11 10:15

Chicago – Owesifazane waseChicago ubekwe icala lokubulala kulandela ukuthi amaphoyisa eveze ukuthi waphoqa isoka lakhe ukuba liphuze u-bleach, nokwaholela ekutheni ligcine ngokushona.

Enkantolo kuvele ukuthi uYasmine Elder, 24, noDarius Ellis, 26, babeqophisana ngamazwi emotweni yabo ngoMsombuluko, bagcina sebebekene isandla.

Kuthiwa u-Elder wahlula ngamandla u-Ellis wabe esemcindezela phansi ngedolo wamthela ngo-bleach ebusweni.

Lokhu kwaholela ekutheni omunye u-bleach ungene emlonyeni ku-Ellis wase eyawumgwinya.

OLUNYE UDABA: Ulibhunyele ngekhemikhali isoka elilobole enye intombi

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sika-Ellis iveze ukuthi ukuphuza u-bleach kwaba yiyo imbangela yokushona kwakhe.

Kuthiwa amaphoyisa athola u-Ellis edindilize phansi epaki ngemuva kwalesi sehlakalo, amphuthumisa esibhedlela kwafike kwaqinisekiswa ukuthi useshonile.

U-Elder zamkhalela ekubo kulandela lesi sigameko, kanti amaphoyisa athi akucaci ukuthi kwaba yini umsuka wale mpi eyaphetha ngokuthi kuphume umphefumulo.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C High level clouds. Mild. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...