Zimkhalele owesifazane kutholakala ingane ephilayo epotimendeni

2016-09-30 19:32

Berlin – Amaphoyisa aseGermany athi kuboshwe owesifazane, 22, ngemuva kokutholakala kwepotimende obekufakwe kulo ingane ephilayo namathambo omuntu.

Amaphoyisa aseHannover akhiphe isitatimende athi le ngane kanye namathambo kutholwe ngowesilisa, 19, ohlala nalo wesifazane, ngoLwesine wase ebikela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Uvelile owazibelethisa wafaka ingane epotimendeni

Le ngane kuthiwa isesimeni esigculisayo esibhedlela sendawo.

Lo wesifazane uboshiwe wase ebekwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Izikhulu zithi ongoti bamatasa bahlola amathambo atholakele ukuze kuvele imbangela yokufa kwale enye ingane etholakale isingamathambo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...