Zimkhalele owadushela owesifazane emgwaqeni egijima

2017-08-10 19:30

London - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda, 41, ngezinsolo zokudushela owesifazane phambi kwebhasi ngesikhathi yona igijima ongqengqemeni lomgwaqo ekuqaleni konyaka, kusho amaphoyisa aseBritain ngoLwesine.

Kune video etshengisa indoda igijima ongqengqemeni lomgwaqo idushela emgwaqeni owesifazane, 33, wacishe washayiswa yibhasi, umshayeli walo owavika lo wesifazane ngokushesha.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa imoto eshayise amasosha yabaleka

"Le ndoda iboshwe ngemuva kophenyo lwamaphoyisa kulandela isigameko esenzeka ePutney," kusho amaphoyisa aseLondon esitatimendeni.

Isisulu sathola ukulimala okuncane.

Le ndoda iboshwe kuleli sonto ngemuva kokuba kucelwe umphakathi ukuba usize ngokuba kutholwe le ndoda.

Nakuba lesi sigameko senzeka ngoMeyi amaphoyisa athe umphakathi uwasize kakhulunakuba besafuna abanye abantu ababekhona endaweni yeisgameko.

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...