Zimkhalele otholakale efake inyoka ebhlukweni

2017-11-09 14:00

Berlin – Owesilisa osemncane ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi eqophisana namaphoyisa kucacile ukuthi ucwile ezinkambeni zikaFaro eGermany.

Kuthe uma eseshwa kwasekutholakala ukuthi ufake inhlwathi esencane ebhlukweni lakhe, kanti lokhu kungase kumfake enkingeni yokwephula umthetho omayelana nokunakekelwa kwezilwane.

Amaphoyisa edolobheni eliseningizimu-ntshonalanga yezwe, iDarmstadt, athi leli bhungu, 19, liboshwe ngemuva kwengxabano ebiphakathi kwalo nenye indoda kwaphazamiseka izakhamuzi ngenxa yomsindo.

OLUNYE UDABA: Itholakale inhlwathi ebinyamalele eGoli

Amaphoyisa aqhuba ngokuthi lo wesilisa ube eseseshwa amaphoyisa aqaphela ukuthi "kuneqhuzu eligqamile" ebhlukweni lakhe.

Le ndoda ibe isitshela amaphoyisa ukuthi ifake inyoka ephaketheni, yase iyayikhipha. Le nyoka ingamasentimitha angu-35 ubude.

Ube eseyiswa esitokisini ukuze kudamuke utshwala, inyoka yakhe yafakwa ebhokisini.

Amaphoyisa ngoLwesithathu aveze ukuthi athungatha umnikazi wale nyoka.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...