Zimkhalele osolwa ngokudlwengula abafundi abangaboni emehlweni

2017-09-07 07:02

New Delhi – Amaphoyisa athi owesilisa oneminyaka engu-54 ubudala, odabuka eBrithani, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi abafundi abathathu abangaboni emehlweni esikoleni esiseNew Delhi, eNdiya.

UMurray Dennis Ward ubevolontiya kulesi sikole esiseNew Delhi esingaphansi kwenhlangano iNational Association for the Blind.

Amaphoyisa athi ngoLwesibili, athintwe yiziphathimandla zakulesi sikole ngemuva kokuthi abafana bekhale ngalokhu kuhlukunyezwa.

Isikole sitshele amaphoyisa ukuthi uWard unomlando weminyaka engu-9 nalesi sikole njengoba aqale waba ngumxhasi wabe esevolontiya njengothisha.

OLUNYE UDABA: Wesulile emsebenzini uthisha osolwa ngokunukubeza abafundi

UWard uvele enkantolo ngemuva kokuboshwa, inkantolo yakhipha isinqumo sokuthi agcinwe esitokisini njengoba kusaqhubeka uphenyo.

UWard ungowokodabuka eGloucestershire, e-United Kingdom.

Ubesebenza nenkampani yezobuchwepheshe eNew Delhi, washiya ngo-Ephreli.

Kwesinye isigameko esenzeka ngonyaka owedlule eKenya, uthisha waseMeru County wabekwa amacala okunukubeza ngokocansi abafundi abayishumi, okuthiwa wayebafaka iminwe esithweni sangasese.

Lezi zingane zamantombazane, eziphakathi kuka-8 no-11 ubudala, zanukubezwa phakathi kukaMashi noNovemba wonyaka owedlule.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...