Zimkhalele ‘osho sakudlala’ ukuthi ubulale izingane zakhe

2016-08-16 08:00

Houston – Kutholakale izidumbu zezingane ezimbili ngaphansi komuzi wakwamakhelwane ngemuva kokuthi umama wazo etshele obemsiza ukuthutha ukuthi uzigwilizise kubhavu wokugeza.

Kuthiwa lo mama usho ngokukhulu ukungabi nandaba ukuthi ubulele izingane, ngesikhathi ekhuluma nomakhelwane, kusho izikhulu.

OLUNYE UDABA: Libuyele enkantolo elikamama owabulala izingane zakhe

Lo mama, 30, ube eseyaboshwa kepha ubengakabekwa icala, kusho okhulumela amaphoyisa aseHouston, eMelika, uKese Smith.

Izikhulu zithi zonke izinkomba “ziveza ukuthi ubeyedwa ngesikhathi egila lo mkhuba” okushone kuwo indodakazi, 5, nendodana, 7.

USmith uqhube ngokuthi basazohloma lo mama ngemibuzo ukuze kutholakale inhloso yesenzo sakhe.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...