Zimkhalele oshaye unodoli obukekwe amaphoyisa emgwaqeni

2017-03-04 15:00

Las Vegas – Owesilisa ohlasele unodoli obubekwe amaphoyisa aseLas Vegas - kungathi umuntu ohlala emgwaqeni – ugcinwe ejele ngoLwesihlanu.

Umehluleki ubeke ibheyili ka-$50 000 okumele adedelwe ngayo uShane Schindler, kubika i-Las Vegas Review-Journal.

USchindler ubohswe ngesonto eledlule kulandela isehlakalo sangoFebhuary 22 lapho kubulawe khona abantu ababili.

Kuthiwa amaphoyisa abeke unodoli okungathi uhobo wesilisa olele emgwaqeni ngemuva kokuba abaseshi behlulekile ukuthola umkhondo ngokubulawa kwabantu ababili abahlala emgwaqeni eVegas.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lidubule labulala ozakwabo abangu-11

Umbiko uthi uSchindler, 30, uqonde kulo nodoli omkhulu, wawubuka ngaphambi kokuba awushaye ngesando abesifake esikhwameni. I-video imthwebule ewushaya.

Ngokusho kombiko, uSchindler utshele amaphoyisa ukuthi ubebona ukuthi akuyena umuntu ngesikhathi eshaya lo nodoli. Kodwa amaphoyisa yakuphika lokho.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...