Zimkhalele olume umyeni wakhe bezitika ngocansi

2017-03-25 16:06

Florida -  Kuboshwe owesifazane owayezikhiphene nomyeni wakhe eFlorida kulandela ukumuluma ngesikhathi bezitika ngocansi ehhotela iKey West, kubika amaphoyisa.

UJennifer Rahe Hickman, 42, ongudokotela wamazinyo uboshwe ngeSonto ngecala lokushaya.

Ngokusho kombiko, isisebenzi sasehhotela yiso esashayela amaphoyisa ucingo ngemuva umsindo kwelinye lamagumbi ehhotela. Ngesikhathi lesi sisebenzi sishayela ucingo kuleli gumbi, " ucingo lwaphendulwa ngowesilisa owayekhala."

OLUNYE UDABA: Sibanjwe senza ucansi ehhovisi isikhulu

Ngesikhathi amaphoyisa ephosa ngemibuzo umyeni kaHickman u-Eric, uthe "babephuza utshwala behlezi eceleni kwep-pool base bekhetha ukuhamba beyozibandakanya ocansini egumbini."

Ngesikhathi besazitika ngocansi u-Eric uthe inkosikazi yakhe yabe isimuluma engalweni.

Amaphoyisa asolwa ukuthi uHickman waluma umyeni wakhe ngoba emsola ngokumenza isiwula.

Amaphoyisa aseKey West athi u-Eric ongafunanga ukuya kwadokotela wayenenxeba elibomvu furhi elikhulu engalweni.

UHickman owayebukeka ecwile ezinkambini sikaFaro waboshelwa icala lokushaya.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...