Zimkhalele okuqathake izidakamizwa esigqokweni esenkantolo

2017-11-11 13:32

Eagle – Iziphathimandla zithi owesilisa obesenkantolo yaseColorado ngecala lezidakamizwa ungene kwenkulu inkinga ngesikhathi kuqathaka izidakamizwa esigqokweni sakhe ephambi kwejaji.

IVail Daily ibika ukuthi uJuan Jose Vidrio Bibriesca,43, ubemi eceleni kwabanye abasolwa ababili e-Eagle County District Court ngesikhathi ekhipha isigqoko ekhanda, kanti kuzoqathaka iphepha abeligoqiwe.

Iphoyisa libone iphepha liqathaka, nokuthe uma lilithatha labona izidakamizwa ze-cocaine, kodwa belinabonanga ukuthi liqathake kumuphi umsolwa.

OLUNYE UDABA: Kudingeke lihlale kwelinyeizwe ibhanoyi ngenxa yezithandani

Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa kudingeke abheke kumakhamera  nokuyalapho ethole khona ukuthi liqathake esigqokweni sikaBibriesca.

UBibriesca ube eseyiswa ejele. Uthweswe icala lokutholakala nezidakamizwa.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...