Zimkhalele ofihle 'umgwinyo' emathunjini eziklabhu

2017-08-22 14:00

Dubai – Iphephandaba loMbuso eDubai libika ukuthi kuboshwe owesilisa obanjwe nezidakamizwa abezama ukuzishushumbisa ngamathumbu eziklabhu.

Kubikwa ukuthi umsolwa ufake amaphilisi angu-5.7 million ebefihlwe emathunjini eziklabhu.

Iphephandaba i-Al-Bayan ngoLwesibili libike ukuthi owesilisa uvele enkantolo ngamacala okufihla lolu hlobo lwezidakamizwa emathunjini eziklabhu abeyiswa eDubai.

OLUNYE UDABA: Sebezohlawuliswa abahamba becofa amafoni

Abashushisi bathi owesilisa ubatshele ukuthi ngumfowabo omtshele ukuthi akazame ukufihla lezi zidakamizwa emathunjini.

Iziphathimandla amaphilisi ziwathole ngesikhathi zihlola impahla ngaphambi kokuba idedelwe, iyobekwa lapho igcinwa khona.

Kuvame kakhulu ukutholakala kwezidakamizwa e-United Arab Emirates, ngenxa yokuthi abantu basuke bezama ukuzidlulisela eSaudi Arabia.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...