Zimkhalele obedayisa izidakamizwa esibhedlela

2017-10-21 12:32

Greensburg — Owesilisa wasePennsylvania uboshiwe ngokudayisa izidakamizwa zohlobo lwe-heroin egunjini lezingane esibhedlela lapho ebantu bebefikela khona ukuzobona indodakazi yakhe ebisanda kuzalwa.

UCody Hulse oneminyaka engu-25 ubudala uboshwe ngoLwesihlanu ngamacala ahlanganisa ukufika nezidakamizwa esibhedlela kanye nokubeka engozini impilo yezingane.

ITribune-Review ibika ukuthi walile ukuphawula ngemuva kokuboshwa kwakhe.

Iziphathimandla zithi uHulse ubanjwe ngemuva kokuba amaphoyisa aseGreensburg emise imoto yabantu abathize ngoLwesine athola izidakamizwa ze-heroin ne-paraphernalia.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe umama obulale izingane zakhe ngokuzifaka kuhhavini

Ebebesemotweni batshele amaphoyisa ukuthi izidakamizwa bazithenge kuHulse e-Excela Health Westmoreland hospital.

Amaphoyisa aqonde khona, afike akhuluma noHulse, ozivumele ukuthi udayisa izidakamizwa, futhi ubeziphethe ngaleso sikhathi.

Amaphoyisa athi intombi kaHulse, umama wengane, iwatshele ukuthi yona ibingazi lutho ngokudayiswa kwezidakamizwa.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...