Zigqigqa enkantolo izithandani ezibonakala kwi-video zizitika ngocansi esitolo

2017-10-17 19:31

Scarborough - Zazifaka obishini izithandani ezibonakala kwi-video zizitika ngocansi esitolo esidayisa ipizza iDominos phambi kwabasebenzi namanye amakhasimende.

Lezi zithandani ngesikhathi zidlalelwa i-video yazo enkantolo zikhuze ibhadi.

UDaniella Hirst noCraig Smith babelinde i-pizza yabo ngomhlaka-28 Febhuwari ngesikhathi befezekisa izinkanuko zabo ngaphakathi kulesi sitolo, lokhu kulalelwe enkantolo.

Lezi zithandani zibonakala kwi-video eyimzuzu engu-18 ubude zizitika ngocansi esitolo esiseScaborough.

OLUNYE UDABA:Ukhethe ukuzishada yena owesifazane ongamtholi umaqondana

Le video ye-CCTV yasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana ngabasebenzi bakulesi sitolo.

UHurst wavuma emaphoyiseni ukuthi nguye obonakala kule video ngesikhathi ephoswa imibuzo.

USmith akazange aphawule emaphoyiseni.

UHirst, 29, kubikwa ukuthi uxolisile ngesenzo sakhe wathi yena noSmith, 31, kufanele bajeziswe.

Ummeli walezi zithandani utshele inkantolo ukuthi lesi sigameko senzeka ngesikhathi laba bobabili becwile ezinkambi zikaFaro.

UHirst noSmith babhekene necala lokungaziphathi kahle emphakathini, kanti bobabili bengase bagwetshwe eNkantolo yeMantshi yaseScarborough kwephezulu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...