Wathukuthela wanklinya umfowabo ngoba engakwazi ukuyobona isoka lakhe

2018-03-13 21:00

Brussels - Owesifazane owayegade umfowabo oneminyaka emine ubudala usolwa ngokumnklinya ngoba wayecasulwe wukuthi akakwazi ukuyobona isoka lakhe, kutshelwe inkantolo eseBelgium ngoMsombuluko.

Lo wesifazane onguBouchra F, uneminyaka engu-20 ubudala manje kepha ngesikhathi kwenzeka isigameko ngo-2015 wayeneminyaka engu-17 ubudala.

Uyaliphika leli cala kanti nabazali bakhe bayameseka njengoba bethi "wayengeke ambeke ngisho isandla" umfowabo, kusho abezindaba.

UBouchra wayeshiywe nomfowabo kuvalwe izikole, abazali bakhe besemsebenzini edolobheni eliseBrussels, iBerchem-Saint-Agathe.

OLUNYE UDABA: Owesifazane uzibelethise usana wase 'eyalunklinya, lwashona'

UBouchra, umndeni wakhe owasuka e-Italy wayohlala eBelgium ngo- 2012, wayethumelana imiqhafazo nesoka lakhe elitshela ukuthi ngeke akwazi ukuya kulo ngoba "uvaleleke ekhaya".

Kepha ngalelo langa ntambama, umakhelwane wabiza abezimo eziphuthumayo ngemuva kokuthi lo wesifazane ahlaba umkhosi ngoba umfowabo engasaphefumuli.

Wahlonzwa njengoshonile ngemuva kwehora kwenzeke isigameko.

Udokotela owahlola isidumbu salo mfana waveza ukuthi le ngane yabulawa wukuncishwa umoya.

Kuthiwa le ngane yake yangeniswa esibhedlela ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko, inenkinga yokuphefumula. Nangaleso sikhathi yayisele nodadewabo.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...