Wathola impama owakhononda ngengane eyayikhala into engapheli eRestaurant

2018-03-28 14:02

South Caroline - Owesifazane wavele wathukuthela ngesikhathi indoda ikhala ngomsindo owenziwa ingane yakhe eyayikhala kakhulu endaweni yokudlela, lokhu kungokusho kwamaphoyisa aseSouth Caroline.

Okhulumela amaphoyisa aseRock Hill uthe babophe uShacoya Latresa Long, 25, ngemuva kwezinsolo zokushaya ngempama ikhasimende elineminyaka engu-55 ubudala lakule ndawo.

ULong uthweswe icala lokushaya.

OLUNYE UDABA:Usesitokisini umama wengane eyabonakala ibhema 'insangu' kwi-video, kuFacebook

Ngokophenyo lwamaphoyisa, isigameko senzeke ngoLwesibili ngezithuba zabo-19:30 eLuke Sport Bar kuHerlong Avenue.

ULong wayedla isidlo sakusihlwa nomama wakhe ngesikhathi ingane yomsolwa iqala ikhala. ULong kuthiwa wayiziba ingane yakhe waqhubeka nokudla.

Ngemuva kwemizuzu engu-30 ingane ilokhu ikhale njalo, le ndoda, 55, yacela uLong ukuba ayithulise njengoba yayibanga umsindo.

Kuthiwa yilapho-ke uLong wabe esedelela le ndoda.

Kwafika uweta watshela uLong ukuthi akayeke ukudelela esitolo noma ahambe, kuthiwa wasukuma waya etafuleni lale ndoda wafike wayishaya ngempama ebusweni.

Abasebenzi basendaweni yokudlela babiza amaphoyisa, uLong waboshwa endaweni yesigameko.

ULong watshela amaphoyisa ukuthi wavele wacusuka wabe eseshaya le ndoda.


 - wwww

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...