Uzovela enkantolo osolwa ngokubulala amawele akhe

2017-04-19 09:31

Cape Town – Udokotela wamazinyo waseSpain osolwa ngokubulala amawele akhe aneminyaka emithathu ubudala nangokwesabisa ukubulala lowo owayengumkakhe kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi yaseWynberg ngoLwesithathu.

UMario-César Deus Yela, 48, ubhekene namacala amabili okubulala nelilodwa lokweba imoto.

UYela akavelanga enkantolo ngokwedlule – mhlaka 2 Ephreli – ngenxa yokuthi wayethola ukwelashwa esibhedlela njengoba alimela esiswini.

Kukholakala ukuthi wayeqashe umuzi eseholidini emasontweni amathathu edlule ezovakashela indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala kanye namawele akhe.

OLUNYE UDABA: IDie Stem ingcolisa iculo lesizwe - EFF

Kuthiwa kwakulindeleke abuyele eSpain mhlaka 6 Ephreli.

Ngomhlaka 6 Ephreli, uYela wathumelela lowo owayengumkakhe umyalezo, uJulia Engelhorn, ethi abazodla isidlo sasemini.

Ngesikhathi efika, kuthiwa wamtshela ukuthi usewabulele amawele. Ingane yesithathu yona yayisesikoleni.

U-Engelhorn wafonela esikoleni ebazisa ukuthi uYela angavunyelwa ukuba azolanda indodana yabo. UYela waboshwa ku-M3.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...