Uzobulawa olahlwe yicala lokubulala umqashi wakhe

2018-03-15 16:01

Montgomery – Indoda elahlwe yicala lokubulala umqashi wakhe kulindeleke ukuba abulawe nguhulumeni wase-Alabama ngemuva kokuhoxisa isicelo sokuphikisa isigwebo, yazicelela ngokwayo ukuba ibulawe.

UMichael Wayne Eggers, 50, kulindeleke ukuba ajovwe ngomjovo obulalayo ngo-18:00 ngoLwesine ejele eliseningizimu-ntshonalanga ye-Alabama.

U-Eggers wagixabezwa ngesigwebo sentambo ngaleli cala elenzeka ngo-2000.

Kubikwa ukuthi wanklinya umqashi wakhe uBennie Francis Murray, waze waphuma umoya.

OLUNYE UDABA: Uzolengiswa owesifazane owabulala ingane

Abashushisi bathi u-Eggers wazivumela ngokwakhe ukuthi wabamba ngobhongwane uMurray ngesikhathi bexabana.

U-Eggers wakuhoxisa ukufaka isicelo sokuphikisa isigwebo wanxusa uMbuso ukuba usheshise uhlele ukubulawa kwakhe.

Labo ababengabameli bakhe banxuse iNkantolo eNkulu eMelika ukuba ingenelele.

Bathi u-Eggers unokuphanjanelwa yikhanda kanti ngesikhathi ethatha isinqumo sokuthi abulawe, wayephazamisekile engqondweni.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...