Uziqophe ezibulala owaliwe yintombi

2016-10-12 16:06

Ankara - Indoda eneminyaka engu-22 ubudala yaseTurkey u-Erdogan Ceren uzidubule wazibulala enkundleni yezokuxhumana iFacebook ngemuva kokusola intombi yakhe ngokuyijolela eyitshela ukuthi angeke akwazi ukuphila ngaphjandle kwayo.

Ngokusho kwabezindaba eBugunum, uCeren uhlala esifundazweni sase-Osmaniye eningizimu neTurkey kanti ubesekhaya ngesikhathi ezidubula eziqopha kwivideo ngezithuba zabo-15:00.

OLUNYE UDABA: Uzibulele obebhanqwe yintombi

Ngaphambi kokuzibulala ufunde inkondlo ayibhalele intombi yakhe.

UCeren ekhuluma kwikhamera uthe: "Akekho obengikholwa ngesikhathi ngithi ngizozibulala- buka ke."

Le ndoda ibe isichaza ukuthi ihlela ukuzibulala ngoba yalwe yintombi yakhe.

UCeren eqhuba uthe: " Buka."

Isibhambu siqale sanxapha ngesikhathi edubula okokuqala wabe esehinda ezama.

UCeren ube esebeka kakhe ikhamera, wazikhomba ngesibhamu esifubeni wase edubula, kwaphela ngaye, kubika iBulawayo24.

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...