Uzibulele ushayasibhamu obulale ababili besemsebenzini

2017-12-30 11:55

Austine  - Owayesebenza endaweni okukhandwa kuyo izimoto eHouston udubule wabulala abasebenzi bakhona ababili ngoLwesihlanu ngaphambi kokuzibulala, kusho amaphoyisa aseHouston.

"Abantu abadutshulwe wumsolwa batholwe beshonile endaweni yesigameko," kusho umseshi uD. Crowder.

Ushayasibhamu uvulele ngenhlamvu ebhekise kula basebenzi waqeda waphuma ngomnyango.'Kuzwakale ukuthi uzibulalele kude kuduze nalesi sitolo.

OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa ushayasibhamu evulela ngenganono esontweni

Isigameko senzeke ngemizuzwana, kusho amaphoyisa.

Amagama ezisulu nomsolwa abengakadalulwa.


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...