UWhatsApp usubekelwe umnqamulajuqu

2017-12-23 14:08

Luxembourg – Inkundla kaFacebook yokuthumelelana imiyalezo, uWhatsApp, isinqunyelwe ugwayi katiki wenyanga eyodwa mayelana nomyalelo wokuthi ihlukane nokusabalalisa ulwazi lwamakhasimende ayo ngaphandle kwemvume yawo.

Inhlangano yaseFrance evikela ukusatshalaliswa kwemininingwane yabantu, i-CNIL, ibekele uWhatsApp umnqamulajuqu ngokuyinikeza isaziso esisemthethweni, iwusola ngokungasebenzisani nayo ngokwenele.

Lesi sinqumo siza ngemuva konyaka izikhulu ze-European Union Privacy zathi “zikhathazekile kakhulu” ngokusatshalaliswa kwemininingwane yabantu abasebenzisa uWhatsApp ukuze ibonakale kuFacebook, ekubeni abantu bengazange bakuvumele lokho ukuba kwenzeke.

OLUNYE UDABA: Konke sekubuyele esimweni ngenkinga ka-WhatsApp

I-CNIL “inqume ukwenza lesi saziso esisemthethweni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi konke okwenzekayo Phakathi kukaWhatsApp noFacebook, amakhasimende awafihlelwa lutho ngakho,” kusho le nhlangano esitatimendeni kuleli sonto.

UFacebook ubhekene nezingqinamba eziningi ezimayelana nokulawulwa kolwazi ngenxa yezigameko eziningi e-Europe zokuphambana nemithetho yezolwazi oluyimfihlo.

Izikhulu zaseGermany zingase zikhiphe umbiko wazo ezinsukwini ezimbalwa mayelana nophenyo lokuthi ngabe izinkundla zokuxhumana zihlukumeza amandla ezinawo uma amakhasimende esayina izivumelwano ezivumela le nkampani ukuba ingasebenzisa ulwazi oluthile.

UMengameli weBundeskartellamt u-Andreas Mundt uthe lo mbiko uzolunga ungakapheli lo nyaka.

UWhatsApp noFacebook abatholakalanga ukuba baphawule ngokushesha.

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...