Uvumela intombi yakhe ilale namanye amadoda oncenge ukungaliwa

2017-02-28 19:32

London – Izithandani zase-United Kingdom sezishiye abaningi bemangele kulandela ukuvela kwemininingwane engehli kahle kwabaningi, emayelana nobudlelwano bazo.

U-Adam Gillet, 27, nentombi yakhe uBeatrice Gibbs, 22, bavumelana ngokuthi kulungile uma uGibbs elala namanye amadoda, inqobo nje uma engamali uGillet, kusho umbiko weMirror.

Lezi zithandani zithi lokhu kuyazisebenzela, kanti azikugqizi qakala ukuthi abanye abantu bakubona kanjani.

Zithi zafinyelela kulesi sivumelwano ngemuva kokuthi owesifazane agonyuluka waveza ukuthi kuyamehlula ukungawahaleli amanye amadoda.

OLUNYE UDABA: Izithandani zishone zizitika ngocansi

“Ngiyamthanda kakhulu u-Adam kodwa angikakulungeli ukuba kube nguye kuphela umuntu engilala naye okwamanje,” kusho uGibbs.

Uqhuba ngokuthi wazama ukuhlukana noGillert, kepha kwaba nguye othi kungcono alale namanye amadoda uma efuna ngoba ngeke akwazi ukuhlukana naye.

“Kumnandi kakhulu manje ngoba ngiyazi nginalo isoka lami, futhi ngivumelekile ukuthi ngilale namanye amadoda. Kwesinye isikhathi uyangishaya unembeza, kodwa ngibuye ngidlule kulokho uma ngike ngaxoxa ngakho nesoka lami,” esho.

Isoka lona lithi alizimisele ngokulala nabanye abantu besifazane, uGibbs uyalenelisa.

Lezi zithandani zahlangana ngo-2014 endaweni yokucima ukoma.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...