Uthweswe icala umama ngemuva kokuba ingane iphuze ugologo

2016-11-10 10:01

Conneaut, Ohio - Owesifazane wase-Ohio, eMelika, uthweswe icala lokubeka ingane yakhe engozini ngemuva kokuba iphuze ugologo obufakwe wuye enkomishini yayo ngenhloso yokungena nawo emdlalweni webhola lezinyawo esikoleni samabanga aphezulu, kanti izowuphuza.

U-Andrea Mucciarone uliphikile icala enkantolo yaseConneaut ngoLwesibili.

Ummeli kaMucciarone uthe ngeke akwazi ukuphawula ngaleli cala.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale ingane ngokuyiphuzisa ugologo

Amaphoyisa athe uMacciarone wayephethe inkomishi yengane yakhe enezinyanga ezingu-23 ubudala emdlalweni webhola esikoleni samabanga aphezulu ngomhlaka-28 Okthoba nonyaka.

Isihlobo sikaMucciarone ayehamba naso sabe sesibona ingane ingasakwazi ukuzimela, sasola ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Amaphoyisa aphuthumisa ingane esibhedlela lapho eyafike yalashwa khona.

Amaphoyisa aseConneaut athe ingane isinakekelwa yisihlobo sikamama wayo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...