Uthishanhloko ukhokhela abafundi ukuze bangalwi esikoleni

2018-02-13 18:00

Philadelphia – Uthishanhloko wesikole samabanga aphansi ePhiladelphia ukhokhela abafundi ukuze bangalwi.

IPhiladelphia Inquirer ibika ukuthi uthishanhloko waseMitchell Elementary School, uStephanie Andrewlevich, lokhu ukwenza ngenhloso yokulawula indlela abaziphatha ngayo abafundi esikoleni.

Uma bonke abafundi bephuma esikoleni bengazange balwe ngonyaka wabo wokugcina, umfundi ngamunye uthola u-$100.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe ohlasele abazalwane ngenkemba

Uthishanhloko uthi lokhu kuyasebenza.

Kuze kube manje, u-8% kuphela wabafundi asebemisiwe esikoleni ngenxa yokulwa.

Kuthiwa isibalo sehle ngo-17% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, kanti sehle ngo-26% uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2016.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...