Usola i-Casino ngokumdakiswa owalahlwa elokushaya intombi

2016-11-16 16:00

Easton - Indoda yasePennsylvania esichithe iminyaka emine ejele ngelokushaya intombi yayo eSands Casino Resort eBethlehem ithi izomangalela abe-casino.

Le ndoda isola le ndawo yokugembula ngokuyiphuzisa utshwala ngokweqile ngaphambi kokuyishaya.

UNicholas Mullins, 31, usheshe wadedelwa ejele ngokuziphatha kahle.

Abendawo yokugembula bathi uMullin usolwa ngokushaya intombi yakhe, uCaitlin Shields, wasePottsville kanzima waze wavuvukalelwa yingqondo wacishe washona.

OLUNYE UDABA: Utshwala buyingozi kakhulu kubantu besifazane - Ucwaningo

UMullins uthi nguye isisulu kulolu daba njengoba alimala ejele futhi manje akasakwazi nokuthola umsebenzi kulandela ukulahlwa icala, kusho uStuart Niemtzow ongummeli kaMullins.

Impilo yale ndoda isimoshakele, kusho uNiemtzow.

 News24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...