Usobishini owakhiphela izingane zasenkulisa 'ezihluphayo' ummese

2018-03-15 18:01

Plainmfield - Usobishini umqondisi wenkulisa eseNew Jersey osolwa ngokusabisa izingane ebezihlupha esikoleni ngommese.

Abashushisi base-Union County bathe u-Adetokunbo Akinnaso waseSicklerville, uthweswe amacala amabili okuphatha ngesihluku izingane.

U-Akinnaso usesusiwe esikhundleni sakhe kanti futhi angase abhekane neminyaka emithathu ebhadle ejele uma engase agwetshelwe la macala womalbili.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa esokushona kwengane enkulisa

U-Akinnaso ubengumqondisi wasenkulisa iDawn To Dusk Christian Childcare and Learning Center ePlainfield.

Ngesikhathi lezi zingane ezineminyaka engu-4 ubudala zombili zilethwe ehhovisi lakhe ngenhloso yokuba aziqondise ubugwegwe, kuthiwa wadonsa ummese wazisabisa ngokuzilimaza uma ziqhubeka nokungaziphathi kahle.

Izingane azizange zilimale ngesikhathi sesigameko.

Akwaziwa ukuthi u-Akinnaso usemtholile yini ummeli.

Abenkulisa banqabile ukuphawula ngesigameko.

 - FoxNews

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...