Usobishini othengele ingoduso indandatho ngemali eyebiwe

2018-01-05 19:30

Ohio - Iziphathimandla zithi indoda eyabamba inkunzi ibhange e-Ohio yasebenzisa imali eyayeba ukuthengela ingoduso yayo indandatho yesithembiso somshado.

Abazindaba iHamilton-Middletown babike ukuthi uDustin Pedersen, 36, ithweswe icala lokubamba inkunzi ibhange eTrenton ngomhlaka-16 Disemba.

Imiqulu yamaphoyisa iveza ukuthi uPedersen uchithe imali engu-$4 500  ethenga indandatho yesithembiso somshado kungakapheli nehora kubanjwe ibhange inkunzi wayinika ingoduso yakhe ngakusasa.

OLUNYE UDABA:UFacebook owasiza ukubopha ababamba ibhange inkunzi

Umseshi wamaphoyisa aseTrenton uthe enkantolo ngoLwesithathu imali eyebiwe ngu- $8 800.

Amaphoyisa athi uPedersen ube wumsolwa ngemuva kokuba indoda eyayigqoke isigqoko esifana nesakhe ibambe inkunzi elinye ibhange ngemuva kwezinsuku ezingu-6.

UPedersen uziphikile izinsolo, kodwa amaphoyisa athi izithombe ezivela kumakhamera ziveza umuntu ofana naye.

Ummeli kaPedersen akatholakalanga ephawula ngoLwesine.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...