Usizi kushona umakoti ngemuva komshado

2017-12-17 12:02

New Ziland - Usashaqekile owesilisa oshonelwe wumkakhe ngemuva kwamahora ambalwa bebophe elikasofa silahlane.

Ngokubika kwephephandaba i-New Zealand Herald, u-Alistair John beno-Jamieka McCarthy Harford, 26, bebethokozile emshadweni wabo ngeSonto endaweni yomtakabani e-Auckland, eNew Zealand.

Kuthe kusemnandi umakoti wabonisa izimpawu zokuxineka engenwa yigciwane okukholakala ukuthi lihambisana ne-meningitis.

Leli gciwane livele lamthatha ujuqu kungalindele muntu.

OLUNYE UDABA:Ushaqise abaningi umakoti esiqeshini sayizolo se-OPW

Ekhuluma nabezindaba umkhwenyana u-Alistair: "Kusimangaze kakhulu ukushona kwakhe futhi namanje kusenzima ukwamukela indlela okwenzeke ngayo ngoba bezingekho izimpawo zokuthi leli gciwane elimngenile lizomthatha."

Umndeni ukhiphe isitatimende sokuthi uJamieka ubethokozile ngomshado wakhe futhi ubumuhle kakhulu. Lo mndeni uchaze umakoti njengomuntu omnene nobekanothando lwempilo kanye nabantu abphila nabo.

Le ntokazi ibekwe ekhaya layo lokugcina ngoLwesithathu.


- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...