Usizi kushona izelamani kusha i-caravan

2017-05-11 12:29

Rome – Izelamani ezintathu zaseRome zishonile ngemuva kokushiswa ngomlilo zilele kwi-caravan ngaphandle kwenhlokodolobha ngoLwesithathu, nosekushiye usizi e-Italy.

Amantombazane amathathu, aneminyaka emine, 8 nengu-20 ubudala, abelele nabazali kanye nezinye izingane zakwabo ezingu-8 ngesikhathi i-caravan igqamuka amalangabi.

Ezithombeni ze-video kubonakala owesilisa ephonsa okuthile emotweni ngaphambi kokuqubuka komlilo, kusho abaphenyi.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uthi 'wabulala intombi ngenduku' yakhe

Okwamanje bekungakacaci ukuthi ngabe lesi sigameko sihlobene yini nokuhlaselwa kwabokufika noma senziwe ngumuntu obengezwani nalo mndeni.

Amalungu asindile abike ukuthi ake asongelwa yizakhamuzi ezinsukwini ezandulela lesi sigemako, ngokusho kwabezindaba.

UMengameli Sergio Mattarella usigxekile lesi sigameko.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...