Usizi kushona abazali bamakoti ngosuku lomshado

2017-09-08 11:00

Makhachkala – Usizi kushona abazali bamakoti kanye nodadewabo ngesikhathi besendleleni eya emshadweni wakhe ngemuva kokuthi enye imoto iphaphalaze yayobashayisa bemi eceleni komgwaqo.

Amakhamera e-CCTV atshengisa imoto eshayiswe enye emgwaqeni oseMakhachkala, eningizimu ntshonalanga neRussia, yase iyaphaphalaza yayozithela phezu kwezisulu.

Le video itshengisa imoto yohlobo lweLada ithatha ijika kanti izophaphalaza iyoshayisa iToyota Camry ebihamba ngesivinini esiphezulu.

Umshayeli weCamry ube eseyazama ukuvika le moto kepha ahluleke, ayishayise – bese le moto iphuma emgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu emshadweni izihambeli zibanga ukucula

Kube sekubonakala le moto ishayisa abazali bamakoti kanye nodadewabo.

Izihlobo zikamakoti kuthiwa bezilinde imoto ezozithatha ziye emshadweni onqenqemeni lomgwaqo ngesikhathi zehlelwa yilo mshophi.

Kubikwa ukuthi omunye wabashayeli naye ushonele endaweni yesigameko, kwathi abagibeli baphuthunyiswa esibhedlela ngenxa yokulimala.

Akucaci noma lo mshado uqhubekile yini noma cha.

- YOU

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...