Usindile umdobi ogxunyelwe yinhlanzi 'abeyiqabula' yayobhajwa emphinjeni

2017-10-14 11:00

London — Umdobi ukhulume ngokwehlelwa yisigameko esingajwayelekile lapho inhlanzi abeyidobile igxume yangena emlonyeni yayobhajwa emphinjeni kuye.

USam Quilliam, 28, uthi ubezama "ukuqabula le nhlanzi" - okuwusiko lokubonga ngaphambi kokubuyisela inhlanzi osuke uyibambile olwandle - ngesikhathi le nhlanzi iphuma odobweni yangena emlonyeni kuye yayobhajwa emphinjeni.

Uthi lokhu kumncishe umoya wangakwazi ukuphefumula, kwaholela ekutheni ashaywe yinhliziyo.

OLUNYE UDABA: Kushone umdobi eThekwini

Owezimo eziphuthumayo uMatt Harrison usebenzise ithuluzi elimise okwesikelo ukudonsa le nhlanzi emphinjeni.

UQuilliam uthi ungcono kakhulu manje kusukela kwenzeka lesi sigameko ngomhlaka-5 Okthoba, wathi kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke aphinde ayiqabule inhlanzi.

UHarrison uthi ubuze abangani bakaQuilliam bathi isisulu besidlala nale nhlanzi siyibeke ngasemlonyeni kanti izogxuma ingene emlonyeni.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...