Ushumpulwe isandla obegqekeza

2016-07-05 20:28

Northampton – Umlisa wasePennsylvania uthi indodana yakhe izivikele ngocelemba ngesikhathi behlaselwa kubo, yagenca ngawo isandla somsolwa.

Amaphoyisa abengakabadaluli amagama abasolwa abangene kulo muzi kodwa bagcinwe esitokisini.

Athi umlisa olahlekelwe yisandla sakhe ungeniswe esibhedlela ekuseni ngeSonto.

Funda nalolu daba: Sizidubule 'induku' sizama ukubamba inkunzi

Isikhulu samaphoyisa aseNorthampton uChief Ronald Morey sithi umsolwa ugqekeze endlini ngoMgqibelo lapho kuhlala khona uTroy Imbody,28.

UTroy ubengakathweswa icala njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...