Ushonile umfundisi 'obegquma' ngogalaza webhodwe phambi kwabantu

2017-10-30 18:01

Malaysia – Kuphele kabi ngomfundisi oseneminyaka engu-10 enza imibukiso yokugquma ngogalaza webhodwe lisemlilweni.

Ngokubika kwe-CoconutsKL, uLim Ba, 68, ujwayele ukukwenza lokhu ethempelini iTaoist Nine Emperor God endaweni yaseKuala Sanglang, enyakatho nezw iMalaysia.

Nakulo mbukiso kubaswe umlilo ngaphansi kwaleli bhodwe, wangena phakathi uLim ephethe ilayisi, ummbila kanye namabhanisi.

Indodana yakhe, uKang Huai, ezibonele ngawayo okwenzekile ithi ngemuva cishe kwehora abantu bezwe kunokukhala futhi kukhona ukushayeka kwaleli bhodwe okusuka ngaphakathi ngoba belivaliwe.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Ugalaza webhodwe ligovuzwa yinqwaba yamadoda

Abantu bavele bathuka becabanga ukuthi kukhona okungahambi kahle bavula ibhodwe nokuyilapho bethole uBa esedindilizile.

Amaphoyisa athi lo mlisa ushe kabi, kodwa ubulawe wukumelwa yinhliziyo.

Indodana yakhe ithi umndeni wawungayithandi le mibukisho yakhe, ikakhulukazi ngoba wahlinzwa enhlizweni ngonyaka odlule futhi ubedla amaphilisi e-high blood pressure.

Yize kunjalo uBa wayeyithanda le mibukiso yakhe, ngokujwayelekile wayehlala ebhodweni imizuzu engu-75 ngaphambi kokuba aphume.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...