Ushonile umfanyana ozidubulele ethoyilethi lasesikoleni

2018-02-22 15:59

Massillon — Iziphathimandla zithi umfanyana wase-Ohio, eMelika, amaphoyisa abike ukuthi ufike nesibhamu esikoleni wabe esezidubula ngaso esendlini yangasese, kugcine kumenele esibhedlela.

Ihhovisi iSummit County Medical Examiner lithe lo mfana ushonele esibhedlela ngoLwesithathu.

Amaphoyisa aseJackson Township abebike ngaphambilini ukuthi lo mfana uzidubule ngoLwesibili esesikoleni afunda kuso iJackson Middle School, ngaseMassillon.

OLUNYE UDABA: Uzidubule wazibulala obethatha i-selfie

Amaphoyisa athi abengakokwazi ukuthi ngabe lo mfana uzidubule ngamabomu noma kube yiphutha na, athi okwamanje aqhuba uphenyo.

Kulesi sigameko akekho omunye umfundi olimalile.

Amaphoyisa athi ngesikhathi esesha isikhwama salo mfana kutholakale isiqhumane, okusho ukuthi ubezimisele ngokwenza umonakalo.

Iziphathimandla zithi akwaziwa ukuthi lo mfana usithathephi lesi sibhamu noma kukhona omunye umuntu abesebenzisana naye na.

Ubefuna uGrade 7.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...