Ushonile owesilisa obengenele umncintiswano wokudla ama-pancake

2017-04-04 07:26

Hartford –Owesilisa oneminyaka engu-20 ubudala waseConnecticut, owashonelwa nguyise esigamekweni sangoSepthemba 11, ushonile ngemuva kokubindwa kade kunomncintiswano wokudla ama-pancake.

Amaphoyisa athi uCaitlin Nelson ushonele esibhedlela saseNew York City, ngemuva kwezinsuku ezintathu kade eyingxenye yomncintiswano eSacred Heart University.

UbengowaseClark, eNew Jersey kanti ubenza imisebenzi yomphakathi esikoleni samaKhatholika eFairfield.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa ohlasele abantu ngommese

Amaphoyisa aseFairfield athi abafundi abenza izifundo zobuhlengikazi kanye nabosizo lokuqala bazame ukusiza uNelson ngaphambi kokuba ayiswe esibhedlela esesimeni esibucayi.

Ngokuhamba kwesikhathi udluliselwe esibhedlela saseNew York nokuyilapho eshonele khona.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...