Ushonile owesifazane ongeniswe emlilweni kukhishwa amadimoni

2017-03-01 11:00

Managua – Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala ushonile ngoLwesibili ngemuva kokuphonswa emlilweni kukhishwa amadimoni, kusho iziphathimandla zaseNicaraguan, ezicaphune abazibonele bethi ukhunyulwe wasala nqunu wabe eseshiswa.

Izikhulu zithi owesifazane, uVilma Trujillo Garcia, ushe kabi umzimba wonke.

Abashushisi bathe umfundisi uJuan Gregorio Rocha Romero kanye nabanye abantu abane baboshiwe kulandela lesi sigameko.

URocha Romero uyakuphika ukuthi unecala, kanti utshele iphephendaba iLa Prensa ukuthi owesifazane uwele emlilweni engadudulwanga muntu, amadimoni ase eyaphuma emzimbeni wakhe.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe iminyaka engu-50 ngokushisa indodana yakhe

Umyeni wesisulu, uReynaldo Peralta Rodriguez, uthe umkakhe ungeniswe endlini yesonto ngeledlule ngesikhathi kukholakala ukuthi unamadimoni kulandela ukuhlasela abantu ngocelemba.

"Ayixoleleki into abasenze yona. Babulale umkami, umama wezingane zami ezimbili ezisencane,” esho.

“Manje ngizobatshela ukuthini nje abantwana bami.”

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...