Ushonile owesifazane ocebe kunabo bonke emhlabeni

2017-09-22 12:31

Paris - Owesifazane owashiyelwa ifa lakwaL'Oreal, uLiliane Bettencourt, obecebe kunabo bonke abantu besifazane emhlabeni, ushone eneminyaka engu-94 ubudala, kusho umndeni wakhe ngoLwesine.

Impilo kaBettencourt yobudala ibihlaselwe kakhulu yisifo sokukhohlwa ngokungasebenzi ngendlela komqondo.

"ULiliane Bettencourt ushone ngoLwesithathu esekhaya," kusho indodakazi yakhe uFrancoise Bettencourt Meyers ngesitatimende.

UBettencourt ubehlezi endaweni ka-14 kubantu abayizinjinga emhlabeni, ngokusho kwephephabhuku iForbes, elahlawumbisela ngoMashi ukuthi umcebo wakhe ubalelwa ku-$39.5 billion.

Ubengasabonakali kakhulu emphakathini kusukela ashiye ekubeni yilungu lebhodi lakwaL'Oreal ngo-2012, kepha igama lakhe belilokhu lisematheni njengoba kuke kwasolwa abesebenzisana nabo ngokumqola ngoba umqondo wakhe usunokudideka.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...