Ushonile owake 'waqabula' inyoka ohlelweni lwakumabonakude

2018-03-17 10:30

Tokyo - Isihonile indoda yaseMalasia eyazakhela udumo ngekhono layo lokubamba izinyokangemuva kokulunywa yinyoka yohlobo lwe-Cobra.

U-Abu Zarin Hussin, obesebenzela izicoshamlilo, waqala ukuduma ngemuva kokuvela kodaba lwakhe kumaphephandaba njengendoda yaseThailand okwakusolwa ukuthi ishedelwe yinyoka yakhe.

UHussin waqeqesha abanye abasebenzi bezicishamlilo ukuba bakwazi ukubamba izinyoka.

Kodwa uHussin ungeniswe esibhedlela ngoMsombuluko kulandela ukulunywa yinyoka ngesikhathi kubanjwa izinyoka.

OLUNYE UDABA:Izakhamuzi zidle inyoka enkulu elume owesilisa

Ngokusho kwabezindaba iThe Star, uHussin, 33, obehlala ePahang, wayeqeqesha abanye abasebenzi bezicishamlilo ngezinyoka ezahlukene nezindlela ezihlukene zokuzibamba ngaphandle kokuzibulala.

UHussin useke wabayingxenye yohlelo lwakilabonakude i-Asia's Got Talent lapho amangaza khona iningi eqabula inyoka.

Ngo-2016 abezindaba eThailand nabase-UK bashicilela udaba ngenbdoda yaseThailand eyashadelwa yinyoka ikholelwa ekutheni iyintombi yayo.

La mapghephandaba asebenzisa izithombe zikaHussin ezisenkundleni zokuxhumana edlalisa izinyoka.

UHussin, obefuye izinyoka ezingu-4 kwakhe ngenhloso yokuzazi kangcono, watshela abezindaba ukuthi: "Basebenzisa izithombe zami baqala bambala indaba, bethi ngishadelwe yinyoka."

 - Izithombe:

 - BBCNEWS

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...