Ushonile osebenza engadini ngemuva kokuhlaselwa yizinja zomqashi

2017-11-04 08:00

Brakpan - Owesilisa oseminyakeni eko-30 ubudala ushonile ngemuva kokuhlaselwa yizinja, kubika iphephandaba iBrakpan Herald.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu ekuseni emzini osemgwaqeni uMuir Avenue eKurhuleni.

Ngokusho kwamaphoyisa aseBrakpan lokhu kwenzeke ekuseni ngabo-08:00.

“Umufi osebenza engadini ubeqhuba umsebenzi wakhe njengokujwayelekile ngesikhathi umqashi ongumnikazi wezinja ehamba. Izinja zigcinwa kwenye ingxenye yegceke evalelekile kodwa zikwazile ukuputsha zaphuma zahlasela lesi sisebenzi," kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: BUKA: Amaphoyisa ehudula umfundi wesifazane onqunu embhikishweni e-UCT

Umakhelwane obone konke okwenzekile, uphuthume washayela amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo ucingo.

Abezimo eziphuthumayo bafike bahlola lesi sisebenzi bathola ukuthi silimele kabi futhi akusekho okungenziwa ukuhlenga impilo yaso.

Lo mlisa ushonele khona lapho endaweni yesigameko kanti amaphoyisa asaphenya ngokwenzekile.

Lesi sigameko silandela esokushona kwengane enezinyanga eziyisithupha izelwe ngemuva kokulunywa yinja emzini osePrimrose e-East Rand, eGoli, ngoLwesithathu, kusho abosizo lokuqala.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...